Iyini i-IBD?

Isifo sokuvuvukala kwesisu, noma i-IBD, yisifo esingelapheki (sesikhathi eside), esibuya siphindelela, sokuvuvukala kwemigudu yokugaya ukudla (engabizwa nangokuthi amathumbu noma umgudu wokudla).

Sidalwa ufuzo, izinhlobo ezithile zamabhaktheriya asemathunjini nokungasebenzi kahle kwamasosha omzimba emathunjini kanye nenhlanganisela yezinye izimo zendawo. I-IBD inezinhlobo ezimbili ezaziwayo, futhi ngesinye isikhathi ezivela zigqagqane, i-Crohn’s disease ne-ulcerative colitis. I-IBD ingathinta abantu banoma ibuphi ubudala futhi ivame ukwenza ngokokuqala ngqa kumabhungu namatshitshi. I-IBD iyanda emhlabeni wonke futhi lokhu kufaka iNingizimu Afrika.