Ziyini izimpawu ze-IBD?

Izimpawu zeSifo Sokuvuvukala Kwesisu ziyahlukahluka futhi ukuqala kwalesi sifo kungenzeka kungazelelwe noma kwenzeke kancane kancane ngokuhamba kwesikhathi.

Isifo sohudo

Isifo sohudo esidalwa yi-IBD sihlukile esifweni sohudo esihambisana nezimo ezivamile njenge-gastroenteritis (ukuhlaselwa amagciwane noma amabhaktheriya) noma ubuthi ekudleni abantu abaningi abaye baba nakho esikhathini esithile, noma isifo sohudo esingase sivele ngenxa yesifo sokuhlushwa yisisu. Isifo sohudo esidalwa yi-IBD sithatha amaviki noma izinyanga ngesikhathi, ngokuvamile sishintshashintshe kube nezinsuku ezingcono kunezinye. Uhudo lungavela kungalindelekile kakhulu okwenza kube nzima ukufika endlini yangasese ngesikhathi (ukuphunyukelwa). Uhudo lungaba negazi, amafinyila noma ubomvu. Uhudo olukuvusa kaningi ulele nalo lungaba olunye uphawu lwe-IBD.

Ubuhlungu besisu

Lokhu kungaba kubi futhi kwenzeke ngokuvamile ngemuva kokudla noma ngaphambi kokuya endlini engasese.

Ukukhatha nokutubeka komzimba

Lokhu kungenzeka ngenxa yokugula ngokwako, okudalwa i-anemiya (ukushoda ngegazi) noma ngenxa yokungalali uma uphazamiseka ngenxa yobuhlungu noma uhudo.

Imfiva

Imfiva ephansi ingase ibe uphawu lwe-IBD.

Ukuphelelwa isifiso sokudla nokwehla kwesisindo

Ukwehla kwesisindo kungadalwa ukuthi umzimba awumunci izakhi ekudleni okudlayo ngenxa yokuvuvukala komgudu wokugaya ukudla.

Abanye abantu abane-IBD, ikakhulukazi i-Crohn’s, bangase babe nezinkinga eziyingqinamba, ezihlanganisa:

Ukuvaleka

Lokhu kulapho kunokuvuvukala okuqhubekayo bese kuphola emathunjini okungadala ukwakheka kwezibazi. Lokhu kungadala ukuvaleka kwamathumbu, okuthiwa i-stricture, okungenza ukuba kuvaleke amathumbu noma upopopo.

Ama-fistula

Lokhu kuvame kakhul ukubantu abane-Crohn’s Disease. I-fistula umzila noma imbotshana engavamile edaleka uma i-Crohn’s disease “imba” ulwelwesi lwamathumbu noma lukapopopo. Ngokuvamile ama-fistula akheka endunwini uma une-Crohn’s disease (i-peri-anal fistula) okudala isigaxa esibuhlungu noma ithumba elingase likhiphe amafinyila, ubomvu noma indle. Ama-fistula angaba khona nasesikhunejni (i-entero-cutaneous fistula) noma axhumanise ingxenye ethile yamathumbu nenye (i-internal fistula).

I-IBD ngezinye izikhathi ingathinta ezinye izingxenye zomzimba. Lokhu kuthiwa ukuzibonakalisa ngaphandle kwamathumbu kwe-IBD futhi okuvame kakhulu kuhlanganisa:

Amalunga Omzimba Abuhlungu

Ukuvuvukala kwamalunga omzimba, ngokuvamile okuthiwa isifo samathambo, kusho ukuthi kunqwabelana uketshezi emalungeni omzimba okudala ukuvuvukala okubuhlungu. Ngokuvamile kuthinta amalunga amakhulu ezingalo nemilenze, kuhlanganise izindololwane, izihlakala, amadolo namaqakala.

Ubuhlungu beqolo

I-IBD ingahambisana nokuvuvukala kweqolo ngasokhalweni kanye nonkimfi okuthiwa i-ankylosing spondylitis. Lesi simo sidala ubuhlungu nokuqina kweqolo.

Ukuvuvukala kwamehlo

Isifo samehlo esivame kakhulu esithinta abantu abane-IBD i-episcleritis, ethinta ungqimba lwesicubu esimboze i-sclera, ungqimba olungaphandle olumhlophe lweso, silwenze lube bomvu, lube buhlungu futhi luvuvukale.

Izinkinga zesikhumba

Kunezinkinga eziningana zesikhumba ezihambisana ne-IBD futhi zifaka amaqhubu abuhlungu abomvu emilenzeni (i-erythema nodosum) kanye nezilonda zesikhumba ezibuhlungu (i-pyoderma gangrensum) yizifo zesikhumba ezivame kakhulu ezidalwa yi-IBD.